INGANEKO (Inganekwane) Inganeko iyingxoxo ephathelene nezithixo, amaqhawe ayizithixo namaqhawe wosiko. Inganeko iphathelene nokudalwa kwezwe lonke, ukuqalwa kwendlela okwenziwa, indabuko yabantu, isizwe noma ukhondolo losiko. UCanonici (1996:78) usho lokhu okulandelayo ngenganeko: Inganeko: yizindaba ezingcwele, ezixoxwa njengeqiniso kanjalo neqiniso elikholekayo, ziqukethe izincazelo zokwenzeka empilweni. Ngokwesikhathi, izigigaba zeNganeko zithathwa ngokuthi zenzeka emhlabeni ohlukile,noma omunye kunalo esikuwo manje. Okwabalingiswa –ke: Abaqavile esikhathini esiningi abasibo abantu, esikhathini esiningi uNkulunkulu noma uMdali; lokhu –ke kuxhumana nabantu, izilwane nezinye izinto zemvelo. Noma abalingiswa abaningi kuzinganekwane bengabantu nezilwane, kuyehlukana mayelana nemikhakha ethile. Uma sibheka iNganeko, abalingiswa bakhona abalingiswa kanye nezilwane okunamandla amangalisayo: isibonelo nje, abantu, uNkulunkulu nezilwane njengonwabu kanjalo neshongololo. Kwimizekeliso abaling...