INGANEKO (Inganekwane)
INGANEKO (Inganekwane)
Inganeko iyingxoxo ephathelene nezithixo, amaqhawe ayizithixo namaqhawe wosiko. Inganeko iphathelene nokudalwa kwezwe lonke, ukuqalwa kwendlela okwenziwa, indabuko yabantu, isizwe noma ukhondolo losiko. UCanonici (1996:78) usho lokhu okulandelayo ngenganeko:
Inganeko: yizindaba ezingcwele, ezixoxwa njengeqiniso kanjalo neqiniso elikholekayo, ziqukethe izincazelo zokwenzeka empilweni. Ngokwesikhathi, izigigaba zeNganeko zithathwa ngokuthi zenzeka emhlabeni ohlukile,noma omunye kunalo esikuwo manje. Okwabalingiswa –ke: Abaqavile esikhathini esiningi abasibo abantu, esikhathini esiningi uNkulunkulu noma uMdali; lokhu –ke kuxhumana nabantu, izilwane nezinye izinto zemvelo.
Noma abalingiswa abaningi kuzinganekwane bengabantu nezilwane, kuyehlukana mayelana nemikhakha ethile. Uma sibheka iNganeko, abalingiswa bakhona abalingiswa kanye nezilwane okunamandla amangalisayo: isibonelo nje, abantu, uNkulunkulu nezilwane njengonwabu kanjalo neshongololo. Kwimizekeliso abalingiswa abatholakala khona ngabantu, esikhathini amaqhawe anamandla amangalisayo.
Izilwane zivezwa njengezicabangayo futhi zenza njengabantu esimeni sendawo yabantu. Abalingiswa abakhulu abayizilwane babandakanya ibhubesi, indlovu, ingwe nojakalasi. Ibhubesi, liqinile, linamandla kodwa alihlakaniphile, inkosi yezilwane yiNdlovu: inesisindo, ehamba ngendlela engajwayelekile futhi engasheshi. Impungushe: inamandla anobubheva, iyisilima, ikhohliswa izilwane ezincane ezisheshayo Ingwe: ayithembekile futhi inemikhuba emibi; esikhathini esiningi iyaphandlwa phezu kokuba inobuqili.
Izilwane ezinkulu zingabacindezeli. Zinamandla kodwa ziyizilima. Ibhubesi, indlovu zivela kaningi, impungushe iyisithiyo nomkhohlisi, okuthi amandla ayo engamelani nokuhlakanipha okusheshayo kukanogwaja kanjalo nokutotoba, ukuhlakanipha okunokubekezela kofudu.
Izilwane ezincane zibandakanya unogwaja, ufudu nochakide. Zikhohlisa futhi zihlule ezinamandla kakhulu izilwane. Zizikhohlisa emjahweni. Zizikhohlise empini yomdonso.
Abalingiswa abangabantu bagqama ngokuba amakhosi, abakhwenyane, abafazi nezingane. Abesifazane bangabafazi abasesithenjini ababanga indoda eyodwa. Kuba nokungathembeki, isikhwele, ubudedengu, ukugxambukela noma nje ukuqopholoza ekuziphatheni kwabo. Abakhwenyana abathembekile emindenini yabo futhi baba nokunganakeleli. Bangadla ngabodwana ngesikhathi sendlala kodwa bagcina betholakele. Abazali banamandla phezu kwezingane zabo. Bayanquma imithetho okumele ilandelwe, bangakhuthuza izingane zabo (isibonelo nje, izimpahla zazo) kodwa bagcina beveziwe obala. Izingane zingaba abantu abangenamandla, abangazi lutho, abanentshisekelo, abampofu noma abayizintandane; kodwa –ke, abahlakaniphile futhi abanosizo. Zivame ukuvela njengamaqhawe. Zinqotshwa izilwane kwezinye izikhathi zinamandla omlingo oziphephisayo, nemindeni yazo noma isizwe sonke
Comments
Post a Comment