izimpawu zedlozi
Umuntu onedlozi noma onabantu abadala umbona ngaziphi izimpawu?.
.
.
Njengoba sazi ukuthi idlozi alingeni etsheni kodwa kumuntu imbhala. Idlozi futhi akusiwo umoya ovesane wavuka ekuseni wazithola usunawo. Idlozi liyahlala kunumuntu lingabonakali wena owabona igcikwane lengculazi kodwa eqinisweni lisuke lagena kulowo muntu mumbe ekudalweni kwakhe. Akesiyibeke kanje; Phambi kokuba umama wakho noBaba wakho bethandane uyazi ukuthi akuqalanga bona? Kuqala kuhlangane amadlozi odwa emazulwini abonisane, uma engathandananga ngeke nahlangana kodwa uma ezwananile Kobe senithandana ke bese nenza umntwana. Lowo mtwana naye phambi ukuba ahlale esibelethweni kuhlangana wona amadlozi avumelane uma ephikisana kodwa nina niqhubeka nenze umntwana ayamushaya umntwana akhubazeke ngezindlela ezahlukile asuke engabonanga ngaso linye. Kunjalo ke nasemntwaneni wedlozi, Ukuze kulalwe wena onedlozi kususwa abaningi phambi kwakho ukuze uvele:; ngezinye izikhathi kuba amaMiscarraiges noma bajikiswe bengakaveli ngoba kufuneka wena. Idlozi lisuke selumkhethile ofanelekileyo walo ukuba nguyena oyothabatha umsebenzi walo.
.
.
Ubonakakala kanjani ke?
.
Emandulo izingane zazizalelwa ekhaya, ngakho ke kwakuba nezimpawu enganeni iphuma esibelethweni; enye iphuma ifumbethe into esandleni okungumcebo nezinhlahla zayo, enye iphume inqhwazile esuke ikhombisa ukuthi lo umngoma wempela kuthi enye iphume iyembethe ingubo eyivalile okuyingubo yezinhlahla nomnotho wayo. Kwakuthi kwabonakala lezizimpawu, ibe isithathwa lembono ibekwa emsamu igcinwe ize ikhule ingane bese iyembulwa lemfanekiso. Yona leyomfanekiso ayilahlwa, ibithathwa njalo isicubu sayo umakushiselwa lowomuntu impepho kufakwe phakathi acelelwe inhlahla ngalemhlwehlwe yakhe. kodwa ke manje sebe yazi ntsontsha ezibhedlela lemihlwehlwe beyoyidayisela izinyanga.
Umuntu onomimoya ukhula njengazo Zonke izingane uma ungabhavumanga esamuncane, Kodwa kuba nezimpawana ezahlukile kunabanye. 1. Ukhuthale okudlulele kunezinye izingane. 2. Uthanda ukudlala ngemithi omunye 3. Akezwa lokhu ikudidayo, uhlupha iyebuya 4. Mekhuluma into iyenzeka. Uma esekhulile esikolweni umubona ngokuhlakanipha omunye abeyisidomu kodwa engasiso isidomu kodwa aphase. 6. Ungena kakhulu ophuzweni oludakwayo 7. Uyafeba 8. Uyadelela 9. Uthanda ukulwa 10. Unama Moods uthanda ukuhlala yedwa, esikhaleni akasazwani namuntu. 11. Uvuka nezibonakaliso usuku nosuku. 12. Ugula njalo into engabonakali.
.
Ziningi ke izimpawu esingazidalula ngomntwana wedlozi ezinye zixakile. Kufanele uma ubona ukuthi umntwana wakho unalezizimpawu umusukumele kungaze kumvalele ikusasa lakhe. Kanjalo nawe osukhulile sukuma ngaze kubenzima.
Comments
Post a Comment