izimpawu zokuba nedlozi
Ake sibheke izimpawu zokuba nedlozi eligcina lifuna
uthwasile bese usebenza abantu
-kuyenzeka ube namaphupho akhulumayo ngalokho
ngichaze ukuthi uphuphe into ecacile engadingwe
kuchazwa njengokuthi kufike isalukwazi sithi sicela
ukwenzelwa umsebenzi othize kokunye sisho ukuthi
losadlula emhlabeni asikaze senzelwe lutho
-kuyenzekake uphinde ube umuntu ophuphayo
mawuvuka ngakusasa lokhu okuphuphile kwenzeke
njengoba noba lingapheli iviki kungenzekanga
Omunye umuntu uvamise ukuboniswa umuntu
asondelene naye ukuthi unenkinga ethize bese uya
kuye umtshele avume lowomuntu kokunye mongayi
ukuyomtshela azizele yena akuxoxele bese uyabona
kwezakho ukuthi wawuboniswa okuyikho
Kuyenzeka futhi ekhaya kuboniswe wena mangabe
kukhona ogangayo othumela izinto ezingasile
egcekeni nanoma kuzovela isifo kuba khona indlela
otshengiswa ngayo uwena owazi kuqala
Omunye uphathwa izifo eziningi ikhanda
Isisu esigcwala umoya noma isukukhiphayo
Inkaba edonsekayo
Umqala
Amehlo
Indlebe ebuhlungu or evalekile kokunye ekhala
amanzi noma izimpempe
Izinyawo
Iqolo
Ukuquleka
Ziningi izifo eziba uphawu lokuthi idlozi lizibonakalise
Kuyenzeka ubone impilo yakho imile ingayi ndawo
unakho konke kodwa kungayeki phambili ingakho
kuke kubaluleke kuthi sizazi imvelaphi yethu
singalahli amasiko umsamo ubaluleke kabi zonke
izikhiye zempilo yethu zilele khona okwethu
okuyecela khona
Comments
Post a Comment