IZINHLOBO ZOKWEMBATHA

IZINHLOBO ZOKWEMBATHA ◼️Ukuzalwa Usobuhlu buhlwini Lwamafutha. (Amanoni) ◼️ukuzalwa ukhavwe ngeVeil..(INgubo) ◼️ukuzalwa ugaxile emqaleni. (Round) ◼️ukuzalwa unqwambile (Cross /) NB: Kwakuthi Kudala Uma ingane Izalwe yembethe, kwakuphuma Izalukazi Nembuzi 🐐 zijabulele ukuthi Ingane ifike Nomuntu. Zithatha Imbuzi emhlophe Noma Empunga Kuyiwe Emsamo kushiswe Impepho Ihlatshwe. Kuphahlwe kwamukele Umuntu ofike Nengane. Emanzini okugeza kufakwa Igazi, Inyongo, nomswane wembuzi. Umuntu ofike Nengane uyafika ngamaphupho echaze ukuthi ungubani futhi ufuna kwenziwe njani ngengane yakhe Uma uMtwana eba nenkinga... Kuye kuthathwe Lengubo noma lenkaba esuke ithandele emqaleni isiswe emsamo ixutshwe Nempetho kukhulunywe Nabaphansi ukuze kutholakale ukuthi I ngane inani noma kutholakale ukuthi Abadala bafuna yenzelweni Ingane. Thokoza 🙏 😌

Comments

Popular posts from this blog

Isikhafulo solwandle

Kunomuthi abathi "umaguqu" lomuthi

Nasi isibunge sokudonsa noma uyisangoma noma business