Kuchaza ukuthini ukuzalwa wembethe

Kuchaza ukuthini ukuzalwa wembethe: Ukuzala wembethe kusho ukuthi wazalwa nengubo eyayikugoqile usengaphakathi kumama wakho. Ukufika emhlabeni umbethe kusho ukulethwa abadala njengesipho kubazali bakho nasemndenini wakho. It also means you were born with great luck, wealth and power. Umntwana ozalwa embhethe uyaye adinge ukunakekelwa njengomntwana oyiwele. Uma esezaliwe umntwana iyaye ithathiwe ingubo yakhe yomiswe ibekwe emsamu, njalo uma engaphathekile kahle kuyaye kucozulwe kulengubo kushiswe kushwelezwe kubantu abadala aphile umntwana. Kanjalo noma esekhulile eyosebenza kuyaye kumele ashiselwe lengubo izindlela zakhe zikhanye. Iningi ke elazalwa limbethe alinazo lezizingubo ngoba zalahleka besebancane noma ekhaya babesindisiwe bengakholelwa kulento. Kuyaye kumdalele izinkinga ke umntwana uma esekhula lengubo ingekho ngoba izinto zakhe ziyaye zingacaci inhlanhla iyavela ebese ivaleka futhi aze athi uyathakathwa kanti cha kudingeka lengubo. Asiyivale la.

Comments

Popular posts from this blog

Isikhafulo solwandle

Kunomuthi abathi "umaguqu" lomuthi

Nasi isibunge sokudonsa noma uyisangoma noma business