UKUBHODLA KWALENGONYAMA YOMSAMO
UKUBHODLA KWALENGONYAMA YOMSAMO.
Ngiyakhuleka kulelikhaya nakubaphathi balo nakumalunga onke ngokwezigaba zawo, Namhlanje ngithi ake ngijule ngalendaba enilokhu nicela ukuba ngikhulume futhi ngayo.
USWAZI LWEDLOZI.
Ngiyazi ukuba omunye umuntu uzozibuza lombuzo othi yini uswazi lwedlozi? Uswazi lwedlozi isehlo esehlela umuntu sidalwa intukuthelo yedlozi ngokulaleli lowo esikhuluma naye bese simjezisa ngaleso sehlo. Kuya ngokuthi leso senzo esenziwe ilowo singakanani futhi idlozi lakubo likusiphi isimo, uma ngingabala ezimbalwa nje iziswazi ngokwahlukana kwazo ngingathi.
1. UKUVELELWA AMASHWA.
2. UKULAHLEKELWA IZINTO.
3. UKUGULA.
4. UKUHLASELWA NJALO.
5. UKUSWELA KAKHULU.
6. UKUVALEKA KWENHLANHLA.
7. UKUNQAMUKA KOMSEBENZI ESIKHALENI.
8. UKUWEHLELWA IZINGOZI.
9. UKUFA PHAKATHI KWEKHAYA.
10. UKUBALEKELWA IMALI.
Ziningi izinswazi umuntu ashawa ngazo idlozi lakhe uma engalaleli lokhu abamtshela khona. Ubizo okuyindlela owabelwa ngayo abaphansi amadlozi lokho abafisa ukuba bakunike khona. Uma ungavumi ukuba ulwamukele ubizo lwedlozi usuke uzidalela izinhlupheko nezikinga zodwa, ubizo lwedlozi alubalukelwa ngoba abakini izinyanya zisuke sezikukhombile futhi zingeke zangaqulwa utho esiqumweni zazo. Abantu abaningi ngokudukiswa ngamaqili okufika kuleli abamhlophe abafika bakuhlaba ukukholelwa kwethu kwabaleleyo othulwini lomhlaba okwakuyinkolo yethu yendabuko esasikholelwa kuyo. Bafika bazosifundisa inkolo yokuziqilaza siphele engukuthi abafileyo asikhohlwe yibo ngoba abanasabelo kwabaphilayo bathi asingaphendukeli kwabanamdlozi ababulayo ngoba abadukileyo ebusweni bakaNkulunkulu. Leyo nkolo yase ifika ifakwa ngenkani kubantu ukuze okwethu kuzwakale kukubi kodwa okwabo kube kuhle. Kungani ngisho kanje yingoba ngifikelwa ubuhlungu obukhulu ukubona abantu bakithi besiniselwa emathangeni kuhle kwamahleza.
Kulenkolo yabo ithi uma kufike umuntu wakini ngephupho idimoni kepha uma ekhuluma bona ubezwa bethi ingelosi ifikile kubo yathi beze bafakazise ngemibono abathi bayibone ekusuku. Uma ubuza ukuthi leyongelosi ibinjani ethi umuntu ibiyisimo somuntu uma uthi idlozi lelo aphike eme ngentaba athi idimoni umuntu ongasekho.
Bese ngiba nokukhulu ukumangala ukuba uma eyidimoni ingelosi ibe yinike yona? Ngoba phela nayo ingelosi ungumuntu ebekade ephila kulomhlamba wase engeniswa emthimbeni kaThonga nkulu ngokuba ukuhamba kwakhe kube kuhle phambi kwakhe nomhlaba nakwabaleleyo othulwini lomhlaba amadlozi bese amukeliswa ingama lokuqoba elithi ingelosi ilelinikwa umuntu osedlulile kulomhlamba waba ezweni eliphakade. Yingakho ngithi mina bona benze okwethu kube kubi kodwa okwabo kuba kuhle ingama elithi dlozi balithatha njengento eyisinengiso kuNkulunkulu bese ukuthi elithi ingelosi balithusa ngakhoke konke bese udideka ukuthi ikuphi khona abakuvumayo ngoba phela ingelosi ilona idlozi into eyodwa amangama nje ahlukile nokucazwa kwawo kwehluka yiwo lamaqili. Ngalokhu usuthola abantu abaningi bejivaza ubizo lwabo ngenxa yokudukiswa kwabo ilezinkolo zokufika kuleli lizwe lethu. Ubizo lwamadlozi luyinto enhle futhi nebalulekile kakhulu empilweni yomuntu omnyama ngoba amadlozi asuke ekuthuma ngenhloso yokupha izinhlanhla nezibusiso kepha uma ungakulaleli abakusho uzothola usujeza ngaleso senzo sakho. Sekukaningi ngihlangana nabantu bengilandisa ngezinkinga zabo zokungalamukeli ubizo ngesikhathi lufika. Abanye kuphela kwanto abanayo balahlekelwe imfuyo abantwana imimendo yabo izimonto zishayise ziphele ngenxa yokungalaleli ubizo lwakhe. Ubizo lunamdla ayisimanga ngoba uma lifika empilweni yakho liyazifeza ngezibonakaliso eziningi. Ngakhoke yingakho ngikukhuthaza ukuba abantu abaphikisani nobizo lwabo ngoba lokho nje kungabadalela ezinkulu izinhlupheko zemihla ngemihla. Ngakhoke abantu ngifisa ukuba bakuqonde kahle kamhlophe lokhu ukuba kuhle umuntu angazidaleli izinkinga edlozini alamukele ubizo lwakhe.
Esikhathini esesiphila kuso sesinzima ngoba usuthola izinkoleloze eziningi ezibekiswe kumkakha wokwelapha kwendabuko, lapho uthola izinkolo zikuhumusha kabi ukwelapha kwendabuko zikubheka amabala zithi kungokwamadimoni. Abanye bethi uma ungumelaphi wendabuko usuke ungumuntu oyiqaba, ongumhedeni, oncolile. Lezo ezinye zeziNkoleloze ezibhekiswa kubantu abakuloluhlelo ngokungabi nalo kolwazi abantu bagcina sebeyikholwa lento eshiwo kubelaphi bendabuko. Ngokwanda kwalawamanga kubantu kugcina sekudala isithombe esibi esidala ukuba umuntu uma ehlelwe ilolubizo ezithola eseba nencindezelo ekutheni hleze abantu bengamamkeli kahle hle. Lokhu’ke kuyaba ngezinye zezimbangela zabantu abagcina sebengalamukeli ubizo lwabo ikakhulukazi lokuba umelaphi wendabuko. Lezizinto engikhuluma ngazo lapha ngizibonile futhi ezinye zingehlele nami ngazithola sengibhekana nazo empilweni. Yingakho ngathatha isiqumo sokuba akengiqale ngilishumayele lelivangeli lolwazi olunzulu labelaphi bendabuko namasiko ahambisana nakho. Lokhu ngihlose ukuba ngiphose Itshe esivivaneni sokuba isizwe sakithi sibe nolwazi ngokwelapha kwendabuko. Bantwana besizwe sakithi sika Mvelinqangi asibuyele akubeni ubuthina silaleleu lwabantu bakithi amadlozi.
Comments
Post a Comment