Ukuhlambulula izidalwa
Ukuhlambulula izidalwa noma idlozi usuke ugeza abantu bakini abangasekho emhlabeni. Ngokwenkolo kuthiwa uyazihlambulula.
Inhloso yokuthi izidalwa zihlanjululwe ukuthi azize kahle, ukuthi uma ngabe enza umsebenzi izinto zilunge noma kube nezinhlanhla.
uma izidalwa zingcolile ziza kabi kuwena uma wenza umsebenzi. Kulezidalwa singabala abantu bomndeni abahamba bexabene kwenzeka ngoba kwakukhona ingxabano emndenini kwaze kwaphetha ngokuthi angabikhona ofuna ukwehlela ngezansi. Ngesinye isikhathi kubekhona abahamba emhlabeni belimele. Bonke labantu basuke befuna ukuhlanjululwa noma ukugezwa. Kuphinde kube khona labantu emndenini abacwiya izidalwa. Uma umuntu ecwiya izidalwa usuke efuna ukuthi konke okuhle kuze ngakuye. Uma omunye enza umsebenzi zonke izinhlanhla ziya ngakulowo owazicwiya, kuthi wena owenzile umsebenzi kuza amabhadi kuwena.
Kufune ubacelele enkonzweni. Ngemali ekhanyayo nasemfuleni uzihlambulule. Kubalulekile ukuthi zibizwe ngamagama njengokuthi kushiwo ukuthi kunikelelwa abahamba bexabene ukuthi bazwane, nabahamba belimele engabe yisibhamu noma ukugwazwa uyabahlambulula nabo. Kanye nabangezi kahle uyabahlambulula njengalaba abasuke sebathathwa.
Lomnikelo uhambisana nesilwane sokubanikelela esiyimbuzi. Leso silwane sihamba nomthandazi noma isangoma esizosiza ekhaya
Bese oniphathela umsebenzi kufanele ambathe ingubo emhlophe yiyona ekhanyisayo ngoba uyena osuke ehola phambili umndeni lowo. Akayishisi impepho kodwa uyabatshela abomndeni ukuthi benzeni ngoba akazi lutho ngedlozi lakulowomuzi.
Iyashiswa impepho ngumuntu omdala walapho ekhaya, akhiphe izidalwa ngaphandle kwesango. Ubaba omdala womndeni uphatha ihlamvu lephangazana okuyiwo azokhipha ngawo izidalwa. Kuyaphunywa endlini yempepho nawowonke umuntu kuphunyelwe ngaphandle komuzi. Kufikwe ngaphandle komuzi kumbiwe umgodi, kuphethwe isilwane esincane imbuzi. Kuzoshiswa impepho futhi kukhulunywe namadlozi bawatshele ukuthi bayawahlambulula, ezimbi izidalwa azisale ngaphandle komuzi uma zingahlambululekanga kodwa ezinhle azingene ngaphakathi. Izoshiswa impepho, kunqunywe imbuzi kukhishwe umswane negazi kufakwe emgodini kanye nenyongo kugqitshwe. Bese lo ophethe umsebenzi ahlambulule ngamanzi abusisiwe bese kubuyelwa ngaphakathi. Le ayisangeni ngaphakathi kwekhaya Bese beyangeniswa ngenye imbuzi enkulu kuthi ihlamvu lisondezwe emlonyeni wembuzi, kuyakhulunywa ukuthi aseyangeniswa ngaphakathi amadlozi.
Sekuzofikwa ngaphakathi kukhishwe izicephu, esobaba nesomama. Esobaba sizoba ngasohlangothini lobaba ngakwesokudla kuthi esomama siba ngasohlangothini lomama ngakwesokunxele. Izicephu, izitsha bese kuba khona imbuzi yokubadlisa noma ukubanika isithebe. Kuzokhishwa umhlwehlwe nomdikizo kufakwe emalahleni kushiswe kanye nempepho ndawonye. Leyonyama kayidliwa ngalelolanga ize idliwe ngakusasa. Ngoba amadlozi amanye asuke engakafiki ngoba kuthiwa awuwazi ukuthi afika nini. Kuyenzeka kube khona ogogo, omkhulu, okhokho. Labantu basuke behamba kancane kufanele kudle bona kuqala. Abomndeni kanye nomakhelwane bayidla ngakusasa ngoba izingane azidli nabantu abadala. Izinto zibe sezilunga nezidalwa zisuke sezigezekile.
Comments
Post a Comment