Ukuzalwa wembethe explained

Ukuzalwa wembethe : Esizweni sakwaNtu kunesimo lapho ingane izalwe igaxile. Kungaba eyakwaZulu, kwaXhosa, kwaNdebele kwaMthwakazi noma kwaNgwane. ‎Le ngane izalwa yembethe into esamhlwehlwe enamafutha, leyo ngane iyingane yenhlanhla. ‎ Le ngane iyigugu labaphansi. Le ngane idinga nje ukunakelelwa okuhlukileyo, kungenzeka ukuthi izalwe nomoya wamaNdiki namaNdwawe. Ingane ephiwe umsebenzi abaphansi. Izoba isicebi iphiwe isipho esikhulu. Ingane ekhethekile lena, eyahlukile kwezinye izingane. Uthi engabeletha owesiMame, labo abamubelethisayo bahlukanise lo mgaxo nomzanyama. (Umzanyana ilokhu ingane ezalwa isongwe kahle ngakho.Enkomeni kuthiwa umhlapho). Lo mgaxo uyaqashelwa (wonyiswe) ngoba uyimpilo yale ngane ‎. Kuyaye kuhlatshwe imbuzi emhlophe qwa, kubongwe oGogo noMkhulu ngesipho esihle abathe basipha lomndeni (waleyo ngane). Uma ingane ezalwe nalo mgaxo igula kuyaye kushiswe impepho emsamo kufakwe kancane lo mgaxo wakhe. Esikhathini esiningi uGogo wengane uyawuqotha nxa sewomile awubeke kahle eshungwini elisuke lakhelwe wona lo mgaxo (hhayi elikaGwayi). Ukuwandisa nje kuyaye kuthathwe umhlwehlwe wembuzi ayihlatshelwa uxutshwe nalona owengane ukuze phela umgcine impilo yakhe yonke lo mntwana. Uma usuya ngasekupheleni kuyaye kubulawe enye futhi imbuzi emhlophe, nayo umhlwehlwe wayo uxutshwa nalona nomgaxo wengane. Kuyacaxa ukuthi empilweni yale ngane ziba ningi izimbuzi ezihlatshwayo, ayibi yodwa. Lo mntwana ufana nse newele. Ubuthaka njengewele ikakhulukazi emimoyeni Lo mntwana noma esuka ekhaya eyosebenza ushiselwa wona lo mgaxo. Uma kungenjalo angawufuna aze abuye engawutholanga umsebenzi. Eqinisweni uphathiswa okumuntu onamaNdiki namaNdawe. Yonke into yakhe iyabikwa. Uma le ngane kuyingane yentombazane, kuyabikwa uma isiyogana. Yenzelwa umsebenzi kuhlatshwe imbuzi emhlophe kubikwe koKhokho bayo ukuthi ingane isiyahamba. Kungenjalo angeke iwuthokozele umendo kuyoba kubi impela, mhlawumbe kuvaleke nenzalo. Uma ingane ibelethelwe esibhedlela labo abasuke bephelezela lowo uzobeletha kudingeka ukuthi bawucele umcebo(umgaxo) wengane baye nawo ekhaya. Kukhona abathi oNesi bayaweba lo mgaxo kodwa mina angikukholwa lokho ngoba phela lo mgaxo usuke uxhumene namadlozi aleyo ngane zwi! Hhayi awakweminye imizi. Awukwazi ukuthatha umgaxo wengane yakwaKhumalo uyowusebenzia enganeni yakwaSigodo. Abantu abangaweba kuba oBabekazi baleyo ngane ezalwe yembethe bayowusebenzisa ezinganeni zabo.Ngani ngoba iNdawe umoya wedlozi laseKhakomame, elangasohlangathini lukaBaba kuthiwa iNdiki. Izimpawu enganeni eyazalwa yembethe kuba amaphupho amahle. Iphupha imvu emhlophe qwa, nokuyiphupho elibika enkulu inhlanhla. Okunye kuba ukubona izinto ezingabonwa abantu abejwayelekile, njengokubona iNkosazana yamanzi, ukubona impunzi izala noma yenyisisa izinyane layo emini bebade Uma konke kwenziwe kahle, le ngane iceba kakhulu ngendlela eyisimanga. Abantu baze bathi inomuthi kanti cha yazalwa igaxile. Ake ngime lapho nina bakaMnguni kaNtu #INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Comments

Popular posts from this blog

Isikhafulo solwandle

Kunomuthi abathi "umaguqu" lomuthi

Nasi isibunge sokudonsa noma uyisangoma noma business