ukuzalwa wembethe

UKUZALWA WEMBETHE*** SIKE SITHOLE IMIBUZO MAYELANA NOKUZALWA WEMBETHE. NOMA SIYIZINGANE KODWA NAKHU ESIKUNCELE KWABADALA. Wena wazalwa wembethe ingubo yakho yalahleka noma bayithatha esibhedlela kodwa abakwembesa yona sebeyayifuna ngoba inomsebenzi wayo. Nakhu ke okufanele ukwenze, funa imbuzi ekhuluphele bese uyabika emsamo ngalembuzi kanj, ngicela ukuxolisa ngalembuzi ngengubo yenu enaniyembese lomntwana, ngicela ukuyibuyisa ngalembuzi. Uma usukhulumile usuyayibulala endlini yabadala lapho uzothola umhlwehlwe bese uwukhipha khle uweneke emsamoubeke inyama yonke yalembuzi. Uyibeke khona emsamo nakho konke okudliwa lapha ekhaya bese wokhela amakhandlela ayisikhombisa abusisiwe. Usushunqisa impepho sekulala khona lapho emsamo. Uvuke ekuseni ubuyisele izinto ngezindawo zazo, usufaka isiphandla wembatha nalomhlwehlwe emahlombe. Lonke ilanga uzosebenza wenze konke okwenzayo wembethe lomhlwehlwe. Ntambama uma sekuphele konke usuyawukhumula uwubeka kahle, ngoba usuyingubo yakhoowaphuma uyembethe sekuyothi njalo uma kukhona okwenziwayo okuqondene nawe sekuyosikwa kancane kulomhlwehlwe kushiswe nempepho, kuyokhanya futhi kuzwakale okwenziwayo. Kuhamba kanjalo nje.

Comments

Popular posts from this blog

Isikhafulo solwandle

Kunomuthi abathi "umaguqu" lomuthi

Nasi isibunge sokudonsa noma uyisangoma noma business