UKUZALWA WEMBETHE

UKUZALWA WEMBETHE Umuntu ozalwa embethe umuntu wezinhlahla kodwa uma engakhunyulwanga noma yalahleka ingubo yakhe izinhlanhla ziyaye zimsikaze aze acabange ukuthi bayamthakatha kanti akunjalo Uma ingubo owazalwa uyembethe bayeba abahlakaniphile esibhedlela kumele uyilungise ngembuzi 1. Uyaye ucele lona okunguye oshisa impepho ekhaya akukhulumele emsamo axolise ngokulahleka kwengubo abakupha yona abadala asho nokuthi babengazi ngayo 2. Uma eseqedile sekuthathwa imbuzi iyonqunywa bese kukhishwa kahle umhlwehlwe uyobekwa umsamo kanye nokudla okunjengo maswidi, banana, amakhekhe nokunje 3. Ngakusasa niyahlahlela bese umnikazi lomsebenzi agqokiswe umhlwehlwe usuku lonke kuze kuhambe wonke umuntu ongesiyena owomndeni bese kuyiwa emsamo akhulume futhi lona obeshisa impepho esebonga umsebenzi asho nokuthi seyayikhumula ingubo 4. Umnikazi womsebenzi useyohlephula umhlwehlwe omncane azikhulumele nabadala acele konke akufunayo 5. Meyehamba ekhaya eyosebenza kude uhamba nomhlwehlwe omncane kanye nempepho ukuze uma kukhona akucelayo kwabadala akucele ngempepho nangalengubo yakhe ukuze isithunywa sakhe sizoshesha ukumenzela akucelayo. 6. Isiphandla asisali uyasifaka

Comments

Popular posts from this blog

Isikhafulo solwandle

Kunomuthi abathi "umaguqu" lomuthi

Nasi isibunge sokudonsa noma uyisangoma noma business