IDANGABANE
Amakhambi akwaNtu isiqephu sesibili
IDANGABANE:-
Idangabane liyasetshenziswa ukuthoba libuye lelaphe nesifo sehhayihhayi [se-high blood presure].Kunesisho esithi umafavuke njengedangabane .Kushiwo kumuntu ogula kakhulu emva kwesikhashana abe esesindile .Ne nkosi yabakwaMthethwa inkosi uDingiswayo ibongwa kanjalo ,lezo zibongo yazithola emva kokugwazwa kwayo kabuhlungu igwazwa ibutho likayise uJobe . Yakwazi ukululama lulokho kugwazwa kwayo ,-yalibusa izwe emva kokukhothama kukayise uJobe .
UBABE:-
Ubabe buyagxotshwa lumatiswe bese lugcotshwa umuntu uma ehuzukile .Kukhona ubabe olunezimbali ezimhlophe kanye nalolo oluneziluhlaza .
UMAVUMBUKA :-
Lesi simila sisetshenziswa siluhlaza ukwenza umuthi okwelapha isisu esihambisayo .
INHLUTHI YOTSHANI:-
Izigaxa zenhluthi yotshani ezonyisiwe ziyqothwa zixutshwe nezimila ezithile ukwenza intelezi yokugeza ikhaya uma kade kushoniwe
ISIGQIKI SEMFENE:
Senza intelezi yokuxosha omoya ababi ekhaya .Abantu abaningi bavama ukusitshala siphahle ikhaya ,Namamhlophe basikhonze kakhulu .
UMABOPHE
Izimpande zikaMabophe zenza intelezi okuchelwa ngayo uma kuduma izulu,kubuye kuphalaze amalunga omdeni ongenelwe umphezulu .Kulazwa ngawo uma kuyiwa ecaleni ,kubuye kuchelwe izinduku uma kuyiwa emdlaleweni
ILOYI :-
Linobongozi uma kwenzekile umuntu walidla uyahlanya .Lidume kakhulu ngobungozi .Kodwa akahlanyi unomphela , uba ngcono abuyele esimeni sakhe emva kwezinsuku. Yilokhu kuhlanya komuntu odle amacembe eloyi okwenza ukuba uMagolwana Jiyane imbongi yeSilo saseMgungundlovu athi
''UVezi ngimfumane bemzila ''
Ngafike ngamudla,
Kanti ngizifaka iloyi esiswini '
Kule migqanyana kuphawula ukuthi uDingane uyingozi njengeloyi ..
Iloyi livama ukutholakala ezindaweni ezinemiquba njengasesibayeni .AbaThwa babezingela ngalo , kuthiwa babelithela esizibeni lapho kuphuza khona izinyamaza,zizothi uma sezidakiwe-ke bazigwaze bazibulale ..
Izifo ezelashwa iLoyi .
Amaqunga alo ayagxotshwa anameke ithumba ukuze lisheshe livuthwe ukuze lizokhanywa , Kwamanye amazwe njengaseZimbabwe amaqunga ayabhenywa ukwelapha [i-Asma] isifo somoya . Kodwa bona abalibizi ngeLoyi , bathi u'Mligazigone'.Liwusizo kakhulu iloyi , nababhali bezincwadi oHutchins noManana bayavumelana bathi iLoyi ikhambi elelapha isifuba esicinananayo .Amacembe eloyi ayonyiswa aqothwe abhenywe njengegudu ukwelapha ukucinana kwesifuba .Lokho kufakazelwa umlando wenye yezinduna zenkosi u-Mzilikazi uNokwane wakwaZwane .Umlando usitshela ukuthi wayephethwe isifo somoya [iAsma] .Kuthiwa wayebhema lona iloyi kwaze kwagcina kuthiwa uMhlanebeleth'igudu. Amaqunga eloyi ahlanganiswa nezinye izimila ukwelapha ihabiyakwenziwe nombhemiso okwelapha ikhanda nesifuba . Amacembe abuye anxanxathwe abekwe phezu kwesilonda ,elaphe umzimba omubi kanye namathumba .
UGAGANE :-
Ugagane lodume ludume kakhulu ngameva alo abuhlungu ngokuhlanyisayo .Lunezimbali ezinhle ezixube umbala obomvu nophuzi ngokuphaphathekile .Lezi zimbali ebusika zikhipha imidumba enezinhlamvu.Luvame ukumila emahlanzeni ,
Izingxabo zogagane zixutshwa namaqabunga ukwenza imbiza yokwelapha izinyo elibuhlungu ,amehlo abuhlungu kanye nesisu.Izimpande zogagane zibuye zithakwe nomuthi wokuqinisa induku kumbe ubhoko lwesisu lungawi kalula .
Ngiyema lapha beNguni
#INtungwa lasenhla kwaSokhumalo
Comments
Post a Comment