imithi ngokwahlukana

Thokoza. ISIPHONDO Isiphondo umuthi okuchatha abantwana oxutshwa nobisi .Ungumuthi omkhulu wenyoni .Izingxabo zesiphondo ziyagxotshwa kwenziwe umuthi wokuphalaza kususwe isidina . UKALIMUZI :- Ukalimuzi ikhambi elimila emaxhaphozini ,izimpande ziyagxotshwa kwenziwe umuthi wokwelapha umkhuhlane .Ukalimuzi umuthi wokuchatha izingane ezinomkhuhlane .Nabadala bangawuhlafuna lapho behlaselwe ugonqogonqo INKUPHULANE :- Lo muthi awuyishiyi inyongo .Kugxotshwa amakhazi awo kuhlanzwe ngawo kukhishwe inyongo .Noma bethi unesizinda senyongo inkuphulane iyasibhidliza ,kugxotshwa amakhasi ayo axovwe ngamanzi afudubele bese ilingela ukuphalaza ikhiphe izindenda nenyongo esigcwele esibindini ,wenza umzimba ube lula . ISIHLAKOTHI :- Amaqabunga esihlakothi agxotshwa athelwe amanzi afudumele kuchathwe ngawo izingane nxa zihlushwa izinhlungu zokonakala kwesisu. UMADOLWANE :- Uvame ukutholakala emihosheni .Ucishe ufane nentelezi umalungana .Lo muthi owokuchatha abantwana uma bephethwe umkhuhlane . Umadolwane uyachatha umuntu ophethwe imfiva noma isinye . INTOLWANE :- Lo muthi unezimpande ezinsundu ngokubomvu ezenza umuthi wokuguqula umbala ube bomvu ,umuthi wokukhipha inyongo .Ukhipha kakhulu inyongo ukhucule nezindenda .Intolwane yelapha isihudo , isifuba nesisu ,iyageqa futhi .Iwusizo olukhulu kwamasimame ngoba iyakwazi ukunciphisa ngasese umgodi ube mncane , futhi yabasiza abesimame uma behlushwa ukuba manzi esithweni sabo sangasese . Ixutshwa nentume enkulu ,igxotshwe ize ibe impumpu , uma isiyileso simo-ke isuke isikulungele ukufakwa esithweni sowesimame ,ukuze sinciphe .Lo muthi ubuye uthakwe nezimpande zikabhoqo nezikavimbukhalo kwenziwe isichonco kuphuziswe imfuyo ukuze iqine ibenhle futhi . UMQALOTHI:- Umuthi omkhulu wesisu lona Noma siqunjelwe kangakanani uma uke waququda ixolo lawo siyodamba nakanjani uma kungesona esamaloyo . Kubiliswa izingxabo kuphuziswe ophethwe isisu .Ixolo liyaququdwa ukwelapha isisu . Ubuye usize ukukhipha izikelemu ,nokusiza abaphethwe isilumo . INYATHELO Amaqabunga neziqu zalesi simila zenziwa isiphunga somkhuhlane oza nenyongo eningi .siyiqoqa yonke naleyo esichitheke umzimba wonke . Sibuye sinqande usi ,isisu esibuhlungu,umkhuhlane ozwelisa amakhaza ,ilumbo lezintwala nezinhlungu zeqolo nesinye .Izimbali zawo zenziwa umuthi wombandama ,isikhumba esikhekhebukayo ,ukuqubuka nokuluma komzimba . UBHUBHUBHU:- Lobu bulawu bunamandla kakhulu .Buyinala emahlanzeni ,Bukhula phakathi kwemithi bube intandela . Ngisho izangoma zibethembe kakhulu , aziphezi ukuphalaza ngabo .Umuthi wokuphalaza wenziwa ngezingxabo zobhubhubhu zixushwe nezinye izimila kwelashwe umuntu ophethwe ihabiya .Kubuye kwenziwe ngawo futhi ubulawu . UQHUME:- Kusengobunye futhi ubulawu obethenjwe izangoma lobu . Buhle kakhulu ngisho kwabadala benza umzimba ube lula uklase . UVUMAKUBANGOMA\UVUMA:-- Lobu ubulawu obumhlophe obukhonzwe kakhulu zinsizwa ezeshelayo .Zisuke zinethemba lokuthi intombi izozivuma njengegama lobulawu . Uvuma uba isihlahla kusetshenziswa amaxolo aso noma izimpande . Uvuma wenza ubulawu bezinsiwa kusetshenziswa izimpande ubuye usize nasemaphusheni amabi. ISIKHWILI :- Isikhwili lesi uvuma obomvu .Kwenziwa ngaso ubulawu obusetshenziswa abadala kanye nabancane . IMBOZISA:- Uma kunezimbangi ezikhafula insizwa ziyihlanzela ,kufuneka iphalaze ngembozisa nakanjani ubulawu balezo zinsizwa buyobola nakanjani . Kufana noma umuntu enedliso ,uma ehlanze ngembolisa ilibolisa liphume seliyizibhucu .Iwubulawu kanti futhi ibuye ibe isitshenziswe ibe intelezi . UNUKANI :- Uhlobo lwesihlahla esinephunga elibi ..Abanye basibiza ngePhunga . Sikhula sibe sifushane sivama ukumila ngasesibayeni .Uma insizwa iphupha amaphupho amabi akhombisa ukuthi izimbangi ziyayikhafula zihyiphinse ,kuhle inhlanze ngonukani . Umthi omnyama lona muhle kakhulu ekuchitheni isichitho .Ixolo lakhona liyasetshenziswa ukuqunda izimbangi .Kukholelwa ekutheni njengoba ixolo lakhona linuka nje lenza izimbangi zinuke . UMTHOLO:- Ubulawu obuhle lobu .Umtholo umuthi omkhulu nje,omila emahlanzeni Okusetshenziswa amaxolo awo okwenza ubulawu . Izinsiwa eziphalaza ngawo ziba negugu lokuthi ziyothola izintombi . Lo muthi udonsa umphezulu , uyathandwa umbane . Uma uthe wamila eduze nemizi kufuneka ugawulwe kukhishwe nezimpande zawo ngoba phela uzobiza umphezulu .Ingakho phela iSilo saOndini inkosi uCetshwayo kaMpande sibongwa ngokuthi ''Izulu eladuma obala lapho kungeMunga kungeMtholo ''..Umunga nawo umuthi othandwa umphezulu . UMATHUNGA Imbiza enamandla yokugeqa Isiza kakhulu kulabo abasuke bephethwe amaqolo .Umathunga ikhambi eliyigaxa esimbiwa phansi ,kwenziwa ngalo umuthi nesichonco sesifuba nembiza ehambisayo ,liyasiza kwabaphethwe iqolo . UMATHUKULULA :- Umathukulula imbiza yokugeqa .Idonsa kakhulu akufuneki ithathwe mawala . usuka uthukunula la okubopheke khona uyawufaka embizeni, kuma gobongo nala obona sengathi kubopheke khona izinto. UMTHOMBO:- Imbiza enkulu yomzimba omubi lena .Uma uchatha ngayo umzimba uyagezeka kuphele nezilonda . Ndaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaaa

Comments

Popular posts from this blog

Isikhafulo solwandle

Kunomuthi abathi "umaguqu" lomuthi

Nasi isibunge sokudonsa noma uyisangoma noma business