imithi
INHLUTHE.
Amaxolo ayaphekwa abe umuthi wokuhlanza nokuqinisa umzimba. Amaqabunga angumuthi wokuchatha
abantwana abancane nxa bekhathazwa ukonakala kwesisu,
sibaluma, sibasonta noma sibahambisa.
INTEBE EMHLOPHE.
Ithanda ukumila ezindaweni ezingamaxhaphozi. Izimbali zayo zimhlophe. Lo muthi welapha abesifazane
abaphuphunyelwe izisu nalabo abakhulelwe, ukuvikela
ukuthi bathole izingane ezincane nezintekenteke.
IDUMBE LOMFULA.
Livame ukutholakala emaxhaphozini. Kugxotshwa
izingxabu zalo muthi kuchathwe ngazo labo abaphethwe
isisu. Amacembe ayanxanxathwa abekwe ezilondeni lapho
umuntu etinyelwe khona zilokazane abuye futhi
abhandishe izilonda ezibhibhayo. Izigaxa zigcoba
amathumba.
ICIMAMLILO.
Litholakala emahlathini kanye nasemahlanzeni.
Lingumathathakanye ezenyelweni. Uma uthobe ngalo
Lishisa kakhulu liyashesha ukukusindisa. Amacembe
nezingxabo zecimamlilo ziyasetshenziswa ukuthoba
ukuvuvukala, izindawo ezibuhlungu ezibangwa isifo
samathambo, izenyelo kanye nezilonda.
IBHUCU.
Lona umuthi osetshenziselwa ukwenza intelezi yokubethela izulu. Amaqabunga ayasetshenziswa ukwenza umuthi
Wokwelapha ukuqubuka nezilonda. Ubisi oluphuma
emaqabungeni lusetshenziswa iNingizimu Afrkika
yonke ukwelapha ukuqubuka, izilonda namanxeba kanye nokuqeda ukopha.
INGWEVU.
Ingwevu iyaphekwa ibe isichonco nesiphungo somzimba omubi, siqeda izilonda namathumba nokonakala kwegazi. Sibuye sinqande ukuvuvuka, sithobe nezenyelo.
Amaqabunga aso ayabiliswa abe isiphungo sokugeza igazi.
UXHAPHOZI.
Leli khambi litholakala emaxhaphozini. Uxhaphozi uhlobo oluthize lwamafeni. Liyaqotshwa liphuzwe ukwelapha
isilumo. Abanye bayawusebenzisa ukwenza imbiza
yokwelapha izilonda ngaphakathi. Bawutshale nasekhaya uma kunendawo eyixhaphozi.
UMONDI
Lesi simila sitholakala emahlathini acinene nasokeme.
Umuthi omnandi lona. Uma inhliziyo yakho kade
ingakuthandi ukudla iyahlambuluka emveni kokuba
usuququde ixolo lawo. Amaxolo omondi ayasetshenziswa
ukwenza umuthi wokwelapha isisu. lzinduku namakhasi
kuba umuthi oqeda izinhlungu. Uba isichonco esiyinembe
yokubelethisa esidala ukuba umzanyane ungenyuki uye
phezulu ingane iphume nayo yonke indlu yayo ngesikhathi esifaneleyo.
ISIHLAZI.
lkhambi leli elinezimpande ezenza umuthi wokwelapha uqhuqho. Uyasetshenziswa futhi uma kuthwasiswa
isangoma. Leli khambi liphinde lisetshenziswe ukugeza
Umkukishwa isinyama.
UMHLWAZI.
Nawo lomuthi njengomondi welapha inhliziyo enmyama nenenkezelayo. Uyasiza futhi uma umuntu equnjelwe noma enomoya omubi - iphunga elibi emlonyeni.
UMAHLOKOLOZA.
Lesi sihlahla siyioembe ephambili. Uyasetshenziswa
umahlokoloza ukwenza isihlambezo nenembe, okuphuzwa umuntu okhulelwe ukwenza ukuteta kubelula.
Uyasetshenziswa engxubeni yemithi yokuqinisa induku ukuze ihlokoze kalula ingasheshi ukukhathala.
UKHWININI.
Ukhwinini uhlukene kabili kukhona onezimbali ezibomvu kubekhona onezimhlophe. Amaqabunga awo aluhlaza
mancane. Uyatholakala emaqeleni kanti futhi uyatshalwa
ekhaya. Amaqabunga alesi simila ayasiza ukwelapha isifo sikashukela. Izimpande ziyasetshenziswa ukwelapha
ophethwe izinyo, isibindi, utwayi. Umuthi wokuqinisa
mnzimba kanye nokukhipha izilo ubuye welaphe
umdlavuza ukhiphe nezilo.
ULULETHI.
Amaxol0 alesi sihlahla ayabiliswa abe isichonco
esisetshenziswa ukuphalaza ukukhipha isilungulela,
izindenda namadliso nokucima izinhlungu.
IMBABAZANE.
Lesi sihlahla siyabiliswa kwenziwe isiphungo esisebenza ezinhlobeni eziningi zezifo eziqeda amandla zidlikize
imizwa nemithambo yegazi. Sibuye sikhiphe umongoziya,
izifo ezikhipha amanzi anukayo nobomvu ngaphambili
kwabesifazane nesisu segazi. Siqeda izinhlungu zesifuba
esixhwalile sisebenze nezifo esezaba ngamaxhwala.
IKHATHAZO.
Izimpande zekhatbazo ziba yisiphungo nesichonco
sezinhlobo zonke zemikhuhlane edala usi nokucinana
kwesifuba, sinqanda ubuhlungu nokuluma kwesisu.
Sihlambulula isisu nxa sithathwe amathamu amakhulu,
sixegise izikhwehlela ziphume kalula.
UVALASANGWENI.
Izimpande zalesi simila ziyagxotshwa kuthelwe amanzi afudumele bese siphuzwa kuphalazwe ngaso ukukhipha
inyongo yangaphezulu.
UMVUTHUZA.
Lelikhambi liyabiliswa libe isiphungo sokuphalaza
ukuqeda izintwala zengulube, nokuvusa yonke imithambo yokuzala.
UHLUNGUHLUNGWANA LWENTABA.
Lesi sihlahla sitholakala endle. lzingxabo ziyagxotshwa
kuxutshwe nobisi olushisayo kuthwithwe ukunqoba usi
kanye nomphimbo obuhlungu. Imphushana etholakala
ngokuqotha isiqu esomile kanye nengono yaso iyabhenywa ukwelapha ikhanda elibuhlungu ibuye yenziwe
umphuphutho kulabo abaphethwe isilonda kanye
nezingane eziqubukile.
UQADOLO.
Lolu ukhula olutholakala emasimini noma emafusini.
Amaqabunga noma izingxabu zalesi simila zixutshwa
namanzi ukwenza umuthi wokuchatha ukwelapha umuntu ophethwe isisu. Amaqabunga asemancane ayahlafunwa
ukwelapha isifo samathambo, kuthi izimbali zaso zelaphe uhudo.
IZINTELEZI.
Izintelezi imithi esetshenziswa ukuvimbela amashwa
nokuziqinisa ekhaya noma empini nakwezinye izindawo
ezinjengemidlalo. Ukwenza isibonelo zingasetshenziswa
ekhaya noma empini kanye nasebholeni. Izintelezi zicima zichithe izinhlobo eziningi zamalumbo, zixoshe imilingo eminingi engena ekhaya ilethwa izimfamona nabatbakathi. Izintelezi ilungele ukuvimba nokuvika izinhlobo eziningi
zemibango, nokunqanda izulu lingangeni ekhaya zibuye
zivikele namasimu. Izintelezi eziphathwa okhokho bethu
emihleni yabo yase ndulo nazi ezinye zazo noma ngingeke
ngazibala zonke lapha.
1. Ugibisile.
2. Umnqandane.
3. Icimamlilo.
4. Uphondolukabhejane.
5. Uphindemuva.
6. Ugebeleweni.
7. Umakhandakantuli.
8. Umlahleni.
9. Idlula.
10. Ibheka.
11. Ingcotha.
12. Umbinda.
13. Umgogiwezinhlanya.
14. Impundulu.
15. Umathithibala.
16. Umabopha.
17. Usilephe.
18. Ikhatha.
19. Indungulu.
20. Imbozisa.
21. Imfingo.
22. Udakwa.
23. Inyathelo.
24. Insulansula.
25. Uzangume.
26. Umayime.
27. Nonkungwini.
Zinigi izinhlobo angazibalanga lapha njengomsululu.
Ngizoveza nje ezimbalwa ngoba ngeke ngiziqede zonke.
Ukuveza nje ezimbalwa ngizoqala kanje.
UNYAGANAZIBOMVANA.
Lelikhambi eliyintelez yokuchela amabutho uma eya
empini. Sinamanzi amaningi. Sivame ukutholakala simile eqoqweni lezinye.
UMABOPHE.
Izimpande zikamabopha zenza intelezi okuchelwa ngayo uma kuduma izulu, kubuye kuphalaze amalunga onmdeni ongenelwe umphezulu. Kuphalazwa ngawo uma uya ecaleni, kubuye kucheIwe izinduku uma kuyiwa emdlalweni.
IDLULA.
Lesi sihlahla singena ezintelezini zokuchela ekhaya,
kuyaphalazwa futhi kugezwe ngaso ukuvika izinto ezimbi. Uma usisbenzisile izinto ezimbi ebeziza kuwe ziyedlula.
IMBOZISA.
Imbozisa intelezi esetshenziswa umuntu uma enembangi
uphalaza ngayo. Kumuntu onedliso iyalibolisa liphume
selizicucu.
USEHLULAMANYE.
Intelezi eyehlula amanye amakhubalo lena. Ivikela
nesichitho, uphalaza ngamaxolo ayo ubuye uzigqume ngayo.
UBHOQO.
Ubhoqo ungenye yezintelezi zesithunzi. Abelaphi
bendabuko abawuthaka ebulawini babo.
UMALUNGANE.
Lena enye intelezi yesithunzi nogazi ebantwini. Abantu
abaningi abasezikhundleni bayayithanda ukubanika
isithunzi nogazi kulabo ababaphethe.
UMATHITHIBALA.
Umathithibala intelezi esetshenziswa ukuchela ekhaya
ukubamba imimoya emibi. Kunenkolelo yokuthi izigangi
nezihambakubi ziyathithibala zingabe zisawufeza
umsebenzi wokungcola ebezihlose ukuwenza. Nasempini
uqobo izitha ziyathithibala.
UHLUNGUHLUNGU.
Le ntelezi ikhonzwe kakhulu abelaphi bendabuko intelezi
yobungoma kanye namafufunyane nokunye. Abanale
mimoya bahlanza ngayo lapho bezwa umzimba ushona
phansi.
UMSULULULUMUNDE.
Lena intelezi okhokho babeyisebenzisa uma izulu liduma. Babeyiphekula ngocelemba ikhale ubisi nebala lidlule izulu. Kumele iqashelwe uma itshalwe ekhaya ngoba izinyoka ziyathanda ukuhlala kuyo.
UMPONDOZENQAMA.
Lena intelezi emise okwezimpondo zenqama. Ukusontana nokuphothana kwesiqu kwenza abelaphi bendabuko
Bawubize ngokuphinda isiqu saleli bizo bathi
umashwilishwili. Lentelezi izitha izishwila izishwilizise
qede izijike phansi, zife zishunqa. Usebenza kahle
ngophindemuva kanye nophindamshaye. Le ntelezi
iqhathwa, igqulwe igcine isiwumqotho ilungele ukuchela, ukuphalaza, ukugquma nokugeza. Umashwilishwili
ungenye yezintelezi ezichela ekhaya. Iyasetshenziswa
ukuphalaza, ukugquma nokugeza
Comments
Post a Comment