ukuphalaza ngomuthi
KUNEZINTO EZIBALULEKILE EZAZENZIWA KUDALA KODWA EZINGASANAKIWE NAMHLANJE, yikho nje nifa nibancane, Kungakho nje nihlezi nikhala ngokuthi imithi ayinisebenzeli!
UKUPHALAZA NGOMUTHI EKSENI LINGAKAPHUMI ILANGA>>< Lento yayenziwa ibalulekile futhi kungoba kwakwenzelwa ukuphi umuthi wakho ungacindezelwa zikhafulo kanye nemimoya emibi esuke kade isebenza ubsuku bonke.
UKUBHOSHA EHLATHINI>>> Ubona isomiso singaka nje emakhaya sekwaba namatoilet asisakwazi ukuvundisa umhlabo kankulunkulu ukuze namasimu abe nesivuno esiyinala.
UKUNGASHAYWA YISTHUNZI SOMUNTU OZILILE>>>Uma uyinsizwa yakwenu uwudla kahle umuthi kugweme ukshaywa yisthunzi somuntu ozilile ngoba lokhu kuwunqinda amandla umuthi kuwuphuphise.
UKUGEZA UMA KADE UYONGCWABA>>>Lena ibalulekile ngoba sisuke sisusa lelithunzi elibi lomuntu ongasekho kungakho kungamele uze ungene emagcekeni ungagezile noma nje ngomsuzwane or ngesiqunga.
THENGA IMBUZI NGOMHOLO WAKHO WOKQALA UMA UTHOLE UMSEBENZI>>>Lokhu kwakwenzelwa ukuthi nedlozi lijabule uma libona amandla akho ngoba bayayithokozela imfuyo abangasekho, hhhaaaiii lento yenu ngomholo wokuqala umuntu usethenga iCarvela nebox leHeineken idlozi aljabule neze!
AKASHAYWA UMUNTU OMDALA>>>Lenake iyazisho, awkwazi ukushaya umuntu olingana nomzali wakho ngisho engakuphoxa kanjan kodwa ungalinge umbeke isandla lokho kuyokinciphisela izinsuku zokphila kwakho ezweni, kungakho nje nifa nibancane ngoba anisawulandeli lomyalelo othi HLONIPHA UYIHLO NONYOKO.
UKUHLAWULA INGANE>>>Ingane iyahlawulwa ngoba vele usuke usudelele umuzi womnomzane kanye namathongo akuloyo muzi ngokuzalisa intombi yakhona ngaphandle komshado, kuyenzeka zivaleke izinto zakho kanti sezivalwa yidlozi lakini lithukuthele ingane uynikwa yibo so ungasaynaki bayanengeka ngaleso senzo sakho.
UKUQONYWA LITSHITSHI>>> Bakhonake abangazi nokuthi liyini itshitshi, kubalulekile ebunsizweni bakho uqonywe litshitshi noma amatshitshi hhhaaiii lento umfana usemusha kodwa usegijimisa izalukazi, idlozi alikwamukeli lokho......
Comments
Post a Comment